Umcimbi wokwethulwa kwencwadi esihloko sithi: Ukuvamisa Imithetho Yokubhala Nobhalomagama LwesiZulu Lonyaka Wezi-2021, ubungomhla wama-23 kuNhlolanja enkundleni yokuxhumana i-Zoom. Inhloso yokukhetha lolu suku bekungulumatanisa nokugujwa kosuku loLimi Lwebele Emhlabeni-jikelele, okwenzeka mhlazingama-21 kuNhlolanja, minyaka yonke.
Le ncwadi yenzelwe ukuba kuqhutshwe umsebenzi wokuthuthukisa ulimi lwesiZulu nokulwenza ulimi lwezifundiswa, njengolunye lwezilimi zendabuko ezisemthethweni ezweni nasesifundazweni, i-ULPDO ne-Pan South African Board (i-PanSALB) bayaziqhenya ngokwethula incwadi Ukuvamisa. Isethulo sencwadi Ukuvamisa siyingqophamlando e- ULPDO yase-UKZN kanye naku-PanSALB ngoba sifake izihloko ezahlukahlukene ezihambisana nokuthuthukiswa kolimi ngokuphelele. Le ncwadi ihlose ukucacisa lapho okunokungacacile khona emithethweni yokubhalwa kwesiZulu, amasu okuhumusha nokutolika kanye nezinqubo zamatemu. Le ncwadi eshicilelwe ingumnikelo omkhulu ekuthuthukiseni izilimi ezahlukahlukene ezweni lonke. Le ncwadi ingasetshenziswa njengomhlahlandlela kwezemfundo, ezokufunda kanye nanoma iyiphi enye inhloso. Okunye okubalulelike ukuthi olunye lwezinhlelo ze-ULPDO ukukhuthaza ukuthuthukiswa kokubhalwa kwezincwadi, okuyingakho sethula le ncwadi. Sinethemba lokuthi lobu budlelwano buzodlondlobala kakhulu futhi bukhiqize izincwadi eziningi nangomuso.
Kule ngqophamlando yomcimbi wokwethulwa kwencwadi, bekukhona izethameli ezahlukene okubalwa kuzo labo abayingxenye yephrojekthi i-BAQONDE. I-BAQONDE yisifinyezo esisuselwa lapha: Boosting the Use of African Languages in Education. A Qualified Organized Nationwide DEvelopment Strategy for South Africa, ngamanye amazwi umele Ukufukula Ukusetshenziswa KweziLimi zase-Afrika KwezeMfundo. Amasu Okuthuthukisa Afakazelwe Ahlelekile Ezweni Lonke LaseNingizimu Afrika. UDkt. Lolie Makhubu-Badenhorst okunguyena ohola i-BAQONDE ngokubambisana noSlwz. Nobuhle Hlongwa noDkt. Gugulethu Mazibuko wazise izethameli ukuthi umhlangano wephrojekthi i-BAQONDE ibe nomhlangano wokuqala mhlazingama-15-16 kuNhlolanja 2021. Wathi kulowo mhlangano izinhlelo kanye nokunye ukusebenza kweBAQONDE kuye kwethulwa kwadingidwa yibo bonke ababambe iqhaza. USlwz Phinda Songca yena wamukele izethameli wabika nangesasa iNyuvesi yaKwaZulu-Natali enalo nge-BaQONDE. Waphinda wetusa neHhovisi Lokuhlelwa Nokuthuthukiswa Kolimi, i-ULPDO, ngokuba yingxenye ye-BAQONDE.

